En cours de chargement...
Mayelana NalencwadiNgobunono nangobuciko, lencwadi yakha uhlaka lwezinye zezingxoxo ezinomthelela omkhulu umlobi abe nazo nabantu abehlukehlukene bawo wonke amazinga ezigabeni ezehlukene zempilo yakhe. Inhloso-nqangi iwukwabelana ngezifundo zempilo, kanye nezingxoxo eziguqula izimpilo ezitholakale ngokuxoxa nabantu abejwayelekile nje, kodwa futhi bebe benobuhlakani. Umlobi uyakholelwa ekutheni lencwadi izothinta izinhliziyo nemiqondo yabayifundayo.
Lencwadi futhi ikhombisa ubuhlakani basendulo bokulalela labo asebake bayihamba lenyathuko wena ongakayihambi, ukuze ube senhlanhleni ngokwanele yokuhamba kahle ngaphambi kokuthatha uhambo. Ngiyethemba ukuthi kwezinye izikhathi uzobona lencwadi izibeka ngembaba izinto, ingumthombo wolwazi, ikhombisa ukuqondisisa okujulile nokuthi inochuku. Inhloso ukuthi ikuhlabe umxhwele, bese iphonsela inselelo ngendlela ehlelekile okucatshangwayo ngempilo yakho nangendlela wena oyiqhamukela ngayo.
Futhi-ke ezinye izahluko zizokwenza umfundi aqhubeke abe nezingxoxo ezinobuqiniso nezimqonda ngqo lomuntu osesibukweni/okunguwena. Mayelana NomlobiWazalelwa emndenini omkhulu ngokulingene nje emaphethelweni edolobha iLadysmithi (eMnambithi). Wayenza yonke lemisebenzana ejwayele ukwenziwa ngumfana wasemakhaya: okungukwelusa izinkomo nezimbuzi, kanjalo nezolimo zasemakhaya. Cishe yonke imisebenzi yesikole semfundo eyisisekelo eyenzelwa ekhaya noma-ke etadisha, wayekhanyisa isiphefu, okuyilambu likaphalafini.
Amakhandlela ayengumtsako. Uyayazisa imfundo njengengxenye yokuzisondeza emnyango wokuthola umsebenzi futhi elokhu efunda njalo njalo empilweni yakhe yonke, kungaba ukufunda ngokwezimiso noma ngokungengaphansi kwezimiso zemfundo. Nokho kungumbono wakhe ukuthi isizukulwane salemihla akufanele ukuthi sifundele ukuqashwa kuphela, kodwa nokudala amathuba emisebenzi. Unevuso lokwakha ubudlelwano phakathi kwezinkampani ezinkulu nalabo ababambe iqhaza nabanentshisekelo kuzo, ukuxhumana kanjalo nobuholi obufaka ugqozi nentshisekelo kubantu.
Uyakwazi ukukhipha izahlulelo ezinobuhlakani, bese enza izinqumo eziphusile ngokwamabhizinisi nezibambekayo. Uyahambisana nombono wokuthi ukulalela kuyikhono, ngenxa yalokho uyalalelisisa, elalele ngenhliziyo, alalele nokungashiwongo. UDkt. Mazibuko uyaziwa ngontanga nozakwabo embonini ngobuholi bakhe obungancikile kokwaziwayo nokujwayele ukwenziwa, nanokuqhamukela izinto ngendlela ekuguqulela ezingeni elithe thuthu.
Imvamisa uvele eze nobuholi obungancikile kokujwayele ukwenziwa nobuhlakani, ngenxa yalokho uwunika incazelo entsha lomdlalo wobuholi. Usekhiqize abaholi abanobuhlakani obusezingeni elifanayo nelakhe ngokweluleka nangokucijela ubuholi. Unentshisekelo enkulu maqondana nempilo, ukuphepha nobuholi. I-Covid 19 uyibona iyifasitela lethuba elingeke lagejwa ubuholi banamuhla. Umlando uyoba ngumahluleli. Ushadelwe, wayesebusiswa ngabantwana ababili. Ihunyushelwe olimini lwesiZulu ngu SIPHO MNOMIYA